Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”
1 Samuweli 4:15 - IsiZulu 2020 U-Eli wayeseneminyaka engama-98, amehlo akhe esenqundekile, engasaboni kahle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Eli wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili; amehlo akhe ayequndekile, engenakubona. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Eli wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili; amehlo akhe ayefiphele ukuba angaboni. |
Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”
UmkaJerobhowamu wenza kanjalo. Wasuka waya eShilo, waze wayofika endlini ka-Ahiya. U-Ahiya akabonanga ngoba amehlo akhe ayesefiphazekile, engasabonisisi kahle, ngokuba wayesemdala.
Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.
Kwathi ngolunye usuku u-Eli elele endaweni yakhe namehlo akhe eseqala ukufiphala engasaboni kahle,
Kwathi lapho u-Eli ezwa umsindo wokukhala, wathi: “Ngowani lowo msindo wokumemeza na?” Lowo muntu washesha waya kuye, wamtshela.