Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe nawo wonke amaKherethi, nawo wonke amaPhelethi, nawo wonke amaGithi, abantu abangama-600, ababeyilandela besuka eGathi, bedlula phambi kwenkosi.
1 Samuweli 30:9 - IsiZulu 2020 UDavide wahamba nabantu abangama-600 ababenaye, waze wafika emfudlaneni iBhesori, lapho kwakukhona insali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesehamba uDavide, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, wafika emfudlaneni iBesori, lapho kwahlala khona amasalela. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wahamba, yena namadoda angamakhulu ayisithupha ayenaye, bafika emfudlaneni iBesori, lapho abasala khona. |
Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe nawo wonke amaKherethi, nawo wonke amaPhelethi, nawo wonke amaGithi, abantu abangama-600, ababeyilandela besuka eGathi, bedlula phambi kwenkosi.
UDavide wenyuka namadoda ayenaye, kwaba yileyo naleyo nabomndeni wayo; bahlala emizaneni eHebhroni.
Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangama-600 ayehamba nabo, waya ku-Akhishi, indodana kaMahokhi, inkosi yaseGathi.
UDavide waqhubeka nokuwaxosha ama-Amaleki yena nabantu abangama-400, kodwa abangama-200 basala ngemuva, ngoba babekhathele ukuba bangawela umfudlana iBhesori.