Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo, noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayukuthokoza ngawo.
1 Samuweli 3:14 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke ngafunga mayelana nendlu ka-Eli ukuthi inkohlakalo yendlu ka-Eli ayisoze yahlangulwa ngomhlatshelo nangomnikelo kuze kube phakade.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho ngifungile ngendlu ka-Eli ukuthi ububi bendlu ka-Eli abuyikuhlangulwa ngomhlatshelo nangomnikelo kuze kube phakade.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho ngafunga kuyo indlu ka-Eli ukuthi ububi bendlu ka-Eli abuyikuhlanjululwa kuze kube phakade ngomhlatshelo nangomnikelo wokudla. |
Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo, noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayukuthokoza ngawo.
USimakade Wamabandla uzambulile ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi siphambeko aniyukuthethelelwa sona nize nife,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.
“Wena-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabancengeli, ungakhuleki ubakhalela, ungabanxuseli kimi ngoba angiyukukulalela.
“ ‘Ekungcoleni kwakho ngenxa yobufebe ngakuhlambulula, kodwa awuhlambulukanga ekungcoleni kwakho, ngeke uphinde uhlanzeke ngize ngilwanelise ulaka lwami, ngimelene nawe.
“ ‘Kanjalo-ke niyakugcina abantu bakwa-Israyeli behlukanisiwe nokungcola kwabo ukuze bangafeli ekungcoleni kwabo, nokuba bangayingcolisi indawo yami engihlala kuyo phakathi kwabo.’ ”
Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.