Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 26:5 - IsiZulu 2020

UDavide wasuka, waya lapho kwakukanise khona uSawule; wayibona indawo lapho uSawule ayehleli khona no-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuziwempi yakhe. USawule wayelele enkanjini, abantu bemngunge nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UDavide wasuka, weza endaweni uSawule amise kuyo; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo, eno-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UDavide wayesesuka, waya endaweni uSawule ekanise kuyo; uDavide wayibona indawo lapho uSawule elele khona no-Abineri indodana kaNeri, induna yempi; uSawule wayelele emgodini, abantu bamisa nxazonke zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 26:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba, no-Eshi Bhali.


UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo.


Ngesikhathi uSawule embona uDavide ephumela ukuyohlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abhineri, umkhuzi wempi: “Abhineri, uyindodana kabani lo mfana?” U-Abhineri wathi: “Ngifunga ngiyagomela, angimazi.”


UDavide wathumela izinhloli, ukuze aqinisekise ukuthi nguSawule zinqotho ofikile.


Kwakukhona umuntu kwaBhenjamini ogama lakhe kunguKishi, indodana ka-Abhiyeli kaZerori kaBhekhorathi ka-Afiya, indodana yowakwaBhenjamini, iqhawe elinamandla.