Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
1 Samuweli 26:25 - IsiZulu 2020 USawule wathi kuDavide: “Mawubusiswe wena ndodana yami, Davide; uyakwenza izinto ezinkulu, uphumelele kahle.” Wayesebamba indlela yakhe uDavide, noSawule wabamba abeze ngayo, wabuyela endaweni yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule wathi kuDavide: “Mawubusiswe wena ndodana yami Davide; uyakwenza izinto ezinkulu, uphumelele kahle.” Wayesehamba uDavide ngendlela yakhe, uSawule wabuyela endaweni yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 USawuli wasesithi kuDavida: Ubusisiwe wena, ndodana yami Davide; uzakwenza izinto ezinkulu njalo unqobe. UDavide wahamba, uSawule wabuyela endaweni yakhe. |
Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
Lapho ekhuluma ngendlela emnene, ungakholwa, ngokuba kunezinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.
Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.
Wabambana nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo isibusiso. Yamfumana eBhethele, yakhuluma nathi lapho,
Pho ngubani ozakusehlukanisa nothando lukaKhristu na? Ngabe ukuhlupheka noma usizi; ukuhlushwa noma indlala ukuhamba ze noma ingozi, noma yinkemba na?
Ngubani owake wathi esesifumene isitha sakhe, wasiyeka sahamba siphephile na? USimakade makakuphindisele ngokuhle ngalokhu okwenze kimi namuhla.
Ngakho-ke bheka, ngiyazi, ngiqinisekile ukuthi uyakuba yinkosi, nokuthi umbuso ka-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.
UDavide wafunga kuSawule. USawule wayesehamba, kodwa uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.