Ngabatshela ukuthi isandla esihle sikaNkulunkulu wami sibe nami kanjani, nangamazwi inkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisukume sakhe.” Base bewuqala ngentshisekelo umsebenzi.
1 Samuweli 23:16 - IsiZulu 2020 Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 UJonathani indodana kaSawule wasuka waya kuDavide ehlathini, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. |
Ngabatshela ukuthi isandla esihle sikaNkulunkulu wami sibe nami kanjani, nangamazwi inkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisukume sakhe.” Base bewuqala ngentshisekelo umsebenzi.
Amafutha namakha kuyayithokozisa inhliziyo, kodwa umphefumulo udabukiswa yinhlupheko.
Ngokuba nidabukise inhliziyo yolungileyo ngamanga; Mina angizange ngimdabukise; niqinise izandla zezikhohlakali ukuze zingaphenduki endleleni yazo embi, zisindiswe.
Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.”
Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’
UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukumbulala; uDavide wayesehlane eZifi eHoreshi.
UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.