Wathi kubantu: “Zilungiseleleni lezi zinsuku ezintathu; ningasondeli kwabesifazane.”
1 Samuweli 21:4 - IsiZulu 2020 Umphristi wamphendula uDavide, wathi: “Asikho isinkwa esijwayelekile enginaso, kodwa kukhona isinkwa esingcwele, izinsizwa zingasidla kuphela uma zizigcinile esifazaneni.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umpristi wamphendula uDavide, wathi: “Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami, kepha kukhona isinkwa esingcwele, uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela.” Contemporary Zulu Bible 2024 Umpristi wamphendula uDavide, wathi: “Akukho sinkwa esivamile phansi kwesandla sami, kodwa kukhona isinkwa esingcwele; uma izinsizwa okungenani beziqhelelanisa nabesifazane. |
Wathi kubantu: “Zilungiseleleni lezi zinsuku ezintathu; ningasondeli kwabesifazane.”
Uma owesilisa elale nowesifazane wamthela ngesidoda, bobabili bayakugeza ngamanzi, babe ngabangcolileyo kuze kuhlwe.
nokukhuluma kubaphristi abasendlini kaSimakade Wamabandla nakubaphrofethi, bathi: “Ngikhale yini ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengoba ngenzile kule minyaka eminingi kangaka, na?”
Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhashana ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.
Ngakho-ke yini onayo lapho? Nginike izinkwa eziyisihlanu noma yini nje ekhona.”
Umphristi wayesemnika isinkwa esingcwele, kwazise sasingekho esinye isinkwa lapho, kuphela esoBukhona esasisuswe phambi kukaSimakade ngesikhathi kubekwa esisha esishisayo.