USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo.
1 Samuweli 21:11 - IsiZulu 2020 Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akusiye yini uDavide, inkosi yezwe na? Kanti akusiye yini ababecula ngaye, besina, bethi: “ ‘USawule ubulale izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe zilishumi,’ na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akasiye uDavide, inkosi yezwe, na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye, besina bethi: “ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi,’ na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akasiye uDavide inkosi yezwe na? Abahlabelelanga yini ngaye, ngokuthi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, uDavide amashumi ezinkulungwane zakhe na? |
USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo.
USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”
UDavide wabaleka, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama. Wambikela konke uSawule ayekwenze kuye. Yena noSamuweli bahamba bayohlala eNayothi.
UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”
Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangama-600 ayehamba nabo, waya ku-Akhishi, indodana kaMahokhi, inkosi yaseGathi.
“Lo akusiye yini uDavide ababehlabelela ngaye, besina bethi: “ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi,’ na?”