Esekuzwile lokho u-Eliya, wasuka wahamba ukuze asindise impilo yakhe, waya eBheri Sheba kwaJuda, wayishiya khona inceku yakhe.
1 Samuweli 21:10 - IsiZulu 2020 UDavide wasuka, wabaleka ngalolo lusuku ngenxa yokwesaba uSawule. Waya ku-Akhishi, inkosi yaseGathi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wayeseqeda, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati. |
Esekuzwile lokho u-Eliya, wasuka wahamba ukuze asindise impilo yakhe, waya eBheri Sheba kwaJuda, wayishiya khona inceku yakhe.
Nkulunkulu, yiba nomusa kimi, ngokuba abantu bafuna ukungenzakalisa. Bangilwisa usuku lonke, bayangicindezela.
Inkosi uJehoyakimi, nawo wonke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bawezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala, kepha u-Uriya wezwa, wesaba, wabaleka, waya eGibhithe.
USawule no-Israyeli babuthana, bakanisa esigodini i-Ela, impi bayihlela ngezigaba zayo ukuze ibhekane neyamaFilisti.
Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, acela empunzini.