UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule, ubaba, ufuna ukukubulala, ngakho-ke kusasa qaphela, uhlale esithe, ubhace.
1 Samuweli 20:9 - IsiZulu 2020 UJonathani wathi: “Ungakucabangi nakukucabanga lokho, ngoba uma kukhona nokuncane nje okubi engazi ukuthi kuhlongozwa ngubaba ngawe, bengingeke yini ngikutshele ngakho na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?” Contemporary Zulu Bible 2024 UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi impela ukuthi ububi unqume ukwehlela phezu kwakho, bengingayikukutshela na?” |
UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule, ubaba, ufuna ukukubulala, ngakho-ke kusasa qaphela, uhlale esithe, ubhace.
Mina ngizophuma ngime ngakubaba endle lapho ubhace khona, ngizokhuluma ngawe kubaba; uma ngibona okuthile ngizokutshela.”
UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendule kabi na?”
Waqhubeka uJonathani wamemeza engasemuva komfana, ethi: “Shesha, uphuthume, ungemi.” Umfana kaJonathani wayiqoqa imicibisholo, weza nayo kumniniwakhe.
UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sobabili sifunge igama likaSimakade, sathi: ‘USimakade uzokuba phakathi kwami nawe naphakathi kozalo lwami nozalo lwakho kuze kube phakade.’ ” Wayesesukuma uDavide, wahamba, uJonathani wangena emzini.
Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?”