1 Samuweli 20:7 - IsiZulu 2020 Uma uyihlo ethi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyobe iphephile, kodwa uma ethukuthela ebila, uyokwazi ukuthi usophe ukuyenzakalisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma esho kanje: “Kuhle; inceku yakho iyakuba nokuthula, kepha uma ithukuthela kakhulu, yazi-ke ukuthi inqunyelwe okubi. |
Inkosi yasukuma yashiya idili, yaphuma ithukuthele ibila, yaya engadini yasesigodlweni. UHamani wasala encenga indlovukazi u-Esteri ukuba angabulawa.
“Lokho kwaba kuhle emehlweni ami, ngathatha kini amadoda ali-12, kwaba yindoda eyodwa kuleso naleso sizwana.
USawule wamciba ngomkhonto efuna ukumgwaza ngawo; uJonathani wase azi ukuthi uyise uhlose ukubulala uDavide.
UJonathani wathi: “Ungakucabangi nakukucabanga lokho, ngoba uma kukhona nokuncane nje okubi engazi ukuthi kuhlongozwa ngubaba ngawe, bengingeke yini ngikutshele ngakho na?”
Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”