UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendule kabi na?”
1 Samuweli 20:11 - IsiZulu 2020 UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle. Contemporary Zulu Bible 2024 UJonathani wasesithi kuDavida: Woza, siphume siye egangeni. Basebephuma bobabili baya ensimini. |
UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendule kabi na?”
UJonathani wathi kuDavide: “Ngiyethembisa ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuthi nxa ngimbuza ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, uma ekhuluma okuhle ngawe Davide, ngiyakuthumela kuwe ngikwazise.