“Leya ndoda engumbusi wezwe ikhulume nathi ngesihluku, yasibiza ngezinhloli ezizohlola izwe.
1 Samuweli 20:10 - IsiZulu 2020 UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendule kabi na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendula kabi na?” Contemporary Zulu Bible 2024 UDavida wasesithi kuJonathani: Ngubani ozangitshela lokhu? noma kuthiwani uma uyihlo ekuphendula ngokuzwakalayo? |
“Leya ndoda engumbusi wezwe ikhulume nathi ngesihluku, yasibiza ngezinhloli ezizohlola izwe.
UJosefa wababona abafowabo, kodwa wazishaya ongabaziyo, wakhuluma nabo ngesankahlu, wathi: “Nivelaphi nina?” Bamphendula bathi: “Sivela eKhanani, sizothenga ukudla.”
Inkosi yabaphendula kanzima abantu, yasishaya indiva iseluleko amalunga ayeyeluleke ngaso.
UJonathani wathi: “Ungakucabangi nakukucabanga lokho, ngoba uma kukhona nokuncane nje okubi engazi ukuthi kuhlongozwa ngubaba ngawe, bengingeke yini ngikutshele ngakho na?”
UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.
Enye yezinsizwa yamtshela umkaNabali u-Abhigayili, yathi: “Bheka, uDavide uthumele izithunywa zisuka ehlane ukuzobingelela inkosi yethu, kepha yona yazithukuthelela.
Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”