Kwavela ngaleso sikhathi kwaJuda umuntu kaNkulunkulu, ethunywe nguSimakade, waya eBhethele. UJerobhowamu wayemi e-althare ukuba ashise impepho.
1 Samuweli 2:27 - IsiZulu 2020 Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibhithe endlini kaFaro. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibithe besendlini kaFaro. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwasekufika umuntu kaNkulunkulu kuEli, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ingabe ngabonakala nokubona endlini kayihlo beseseGibithe endlini kaFaro na? |
Kwavela ngaleso sikhathi kwaJuda umuntu kaNkulunkulu, ethunywe nguSimakade, waya eBhethele. UJerobhowamu wayemi e-althare ukuba ashise impepho.
USolomoni wayesemxosha u-Abhiyathara, akabe esaba ngumphristi kaSimakade, ukuze afeze izwi likaSimakade alisho ngendlu ka-Eli eShilo.
USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle,
USimakade wathi ku-Aroni: “Hamba uye ehlane uyohlangabeza uMose.” Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga.
Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantu bakwa-Israyeli, engakafi;
Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.
Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
Owesifazane wahamba wabikela umyeni wakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sifana nesengelosi kaNkulunkulu, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, futhi akangitshelanga igama lakhe,
uSimakade wathumela umphrofethi kwabakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Nganikhuphula eGibhithe, nganikhipha endlini yobugqila;
Ngalolo lusuku ngiyakumehlisela u-Eli konke engamtshela ngakho mayelana nendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
Wadabula kwelezintaba kwa-Efrayimi, wadabula eShalisha, kodwa abazifumananga, base bedabula eShahalimi; nalapho zazingekho. Wadabula kwaBhenjamini, kepha kabazitholanga.
Yathi kuye: “Bheka, kukhona umuntu kaNkulunkulu kulo muzi, umuntu ohloniphekile; konke akukhulumayo kuyakwenzeka impela. Masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”