ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho.
1 Samuweli 2:26 - IsiZulu 2020 Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuSimakade nakubantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Umntwana uSamuweli wakhula, wathandeka kuJehova nakubantu. |
ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho.
Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.
Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.
bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.
Owesifazane wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSamsoni. Umfana wakhula, uSimakade wambusisa.
USimakade wamhambela uHana, wakhulelwa wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaSimakade.