Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.
1 Samuweli 2:22 - IsiZulu 2020 U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke; nokuthi balala kanjani nabesifazane ababebuthene ngasemnyango wetende lokuhlangana. |
Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.
Lena yindaba kaJakobe nezizukulwane zakhe. Kwathi uJosefa eseneminyaka eyi-17, elusa umhlambi nabafowabo ababezalwa nguBhiliha noZilipha, abafazi bakayise, uJosefa wabika umbiko omubi ngabafowabo kuyise.
Wenza umcengezi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane ababesebenza emnyango wethende lokuhlangana.
Abaphristi bawo bawudlovile umthetho wami; bazingcolisile izinto zami ezingcwele, abakwehlukanisanga okungcwele nokuyichilo. Ababafundisanga abantu ukwehlukanisa phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo, bashalazela amasabatha ami ngokungawagcini; ngihlanjalaziwe phakathi kwabo.
Wathi kuwo: “Nizenzeleni izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa ngemisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu.
Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.
Kwathi lapho uSamuweli esemdala, wabeka amadodana akhe ukuba abe ngabehluleli kwa-Israyeli.