Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 2:18 - IsiZulu 2020

USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa uSamuweli wayesebenza esemncane phambi kukaJehova, ebhince isambatho samahlombe selineni.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 2:18
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.


UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo, njengabo bonke abaLevi ababethwele umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya umholi wabahlabeleli. UDavide wayenengubo yamahlombe yelineni.


Yilezi izingubo abayozithunga: isivikelo sesifuba, ingubo yamahlombe, ingubo, ibhantshi elihlotshisiweyo, umshuqulo, nombhunkulo. Lapho bethungela u-Aroni namadodana akhe lezi zingubo ezingcwele ukuze bangikhonze bengabaphristi,


Wamgqokisa ibhantshi, wambopha ngebhande okhalo, wamembathisa ijazi, wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande lengubo yamahlombe elihlotshisiweyo, wayibopha ngalo.


U-Ahiya, indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikhabhodi kaFinehasi ka-Eli, umphristi kaSimakade eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.


U-Elikhana waphindela eRama, endlini yakhe. Umntwana wakhonza uSimakade phansi kweso lika-Eli.


Ngamkhetha kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli ukuba abe ngumphristi wami, anikele e-althare lami, ashise impepho kulo, embathe ingubo yamahlombe phambi kwami, ngayinika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantu bakwa-Israyeli.


Inkosi yathi kuDowegi: “Phenduka nawe, ubabulale abaphristi.” UDowegi wakwa-Edomi waphenduka, wababulala abaphristi ababalelwa ema-85, ababembethe ingubo yamahlombe, ngalolo lusuku.


Umntwana uSamuweli wayemkhonza uSimakade, phambi kuka-Eli. Izwi likaSimakade lalingavamile ngalezo zinsuku, nombono wawuyivelakancane.