Ningakudli kuluhlaza noma kubiliswe ngamanzi, kodwa imilenze yalo, ikhanda, nezangaphakathi makosiwe emlilweni.
1 Samuweli 2:15 - IsiZulu 2020 Kwakuthi engakashiswa amanoni, kufike inceku yomphristi ithi kumuntu owenza umhlatshelo: “Letha inyama eyokoselwa umphristi, ngokuba akazukuyithatha kuwe inyama ephekiweyo, kodwa eluhlaza.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.” Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi bengakashisi amanoni, inceku yompristi yeza, yathi kumuntu onikela ngomhlatshelo: “Nika umpristi inyama yokosa; ngoba akayikucwiliswa inyama kuwe, kodwa eluhlaza. |
Ningakudli kuluhlaza noma kubiliswe ngamanzi, kodwa imilenze yalo, ikhanda, nezangaphakathi makosiwe emlilweni.
Umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi. Onke amanoni angakaSimakade.
ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.
Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.
Yibo laba abayichilo emadilini enu, abadla nani bengenakwesaba, bezenelisa. Bangamafu angenamvula apheshulwa wumoya, izihlahla zasehlobo ezingenazithelo, bafe imfakabili, basishuliwe.
ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekukhiphayo imfologo, umphristi akuthathe kube ngokwakhe. Benza kanjalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona.
Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.”