Noma ungasigqula esigqulweni isiwula, usisile ngembokodo etsheni, kepha ubuwula baso abuyukusuka kuso.
1 Samuweli 19:21 - IsiZulu 2020 Lokho kwabikelwa uSawule, wabuye wathumela ezinye izithunywa; nazo zaphrofetha. USawule waphinda futhi wathumela ezinye izithunywa ngokwesithathu; nazo zaphrofetha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwabikwa kuSawule; wathuma ezinye izithunywa; nazo zaprofetha. USawule wayesephinda wathuma izithunywa ngokwesithathu; nazo zaprofetha. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi lapho kubikwa kuSawule, wathuma ezinye izithunywa, nazo zaprofetha ngokunjalo. USawule waphinda wathuma izithunywa ngokwesithathu, nazo zaprofetha. |
Noma ungasigqula esigqulweni isiwula, usisile ngembokodo etsheni, kepha ubuwula baso abuyukusuka kuso.
UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.
“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono.
USawule wathuma izithunywa ukuba ziyolanda uDavide. Kwathi lapho zibona iviyo labaphrofethi bephrofetha, kumi uSamuweli engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wehlela ezithunyweni zikaSawule, nazo zaphrofetha.
USawule wayeseya eRama, wafika emthonjeni eSeku, wabuza wathi: “Ukuphi uSamuweli noDavide na?” Kwathiwa: “BaseNayothi eRama.”