UMikhali wathatha itherafimi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa ngezingubo.
1 Samuweli 19:16 - IsiZulu 2020 Izithunywa zafika; bheka, kwakunetherafimi embhedeni nesicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho izithunywa zingena, bheka, itherafi* lalisembhedeni, isicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho izithunywa zingena, kwakukhona isithombe embhedeni, nomcamelo woboya bembuzi isembatho saso. |
UMikhali wathatha itherafimi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa ngezingubo.
USawule wathumela izithunywa ukuba ziyombona uDavide, wathi: “Mkhuphuleni nimlethe lapha kimi ngombhede ukuze ngimbulale.”
USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke na?” UMikhali wamphendula uSawule, wathi: “UDavide uthe kimi: ‘Ngivumele ngihambe; kungani ngizoze ngikubulale na?’ ”