Wasuka wabulala amaFilisti kwaze kwakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni. USimakade wabapha ukunqoba okukhulu ngalolo lusuku. Abantu babuya, beza kuye, ukuze babuthe impango kuphela.
1 Samuweli 17:53 - IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga inkambu yawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga ikamu* lawo. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga amatende awo. |
Wasuka wabulala amaFilisti kwaze kwakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni. USimakade wabapha ukunqoba okukhulu ngalolo lusuku. Abantu babuya, beza kuye, ukuze babuthe impango kuphela.
“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo nabo bayakudliwa, zonke izitha zakho ngothi lwazo ziyakuthunjwa, nalabo abakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakuqhwagayo ngiyakubenza impango.
Kumenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa, ngokuba izwe lonke lenziwe incithakalo. Amathende ami ashatshalaliswe ngokushesha, namakhethini ami ngokuphazima kweso.
Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGathi nasemasangweni e-Ekhroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGathi nase-Ekhroni.
UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema, kodwa izikhali zakhe wazifaka ethendeni lakhe.
Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”