Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 17:13 - IsiZulu 2020

Amadodana kaJese amathathu, u-Eliyabe izibulo, u-Abhinadaba, noShama aphuma alandela uSawule aya empini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Amadodana amathathu amakhulu kaJese ayemlandele uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu ayeyile empini ayengu-Eliyabe izibulo, emelamayo ngu-Abinadaba, neyesithathu nguShama.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Amadodana amathathu amakhulu kaJese amlandela uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu aphuma impi ayengu-Eliyabe izibulo, no-Abinadaba wesithathu, noShama.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 17:13
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Amnoni wayenomngani, ogama lakhe kunguJonadaba, indodana ka-Shimeya, umfowabo kaDavide. UJonadaba wayengumuntu onobuqili obukhulu.


UJonadaba, indodana kaShimeya, umfowabo kaDavide, waphendula, wathi: “Inkosi yami mayingathathi zonke izinsizwa, amadodana enkosi abulewe, ngoba ngu-Amnoni kuphela ofileyo. Lokhu kwakuyinhloso ka-Absalomu kusukela ngosuku u-Amnoni aphoqa ngalo udadewabo, uThamari.


Wameyisa u-Israyeli, ngakho-ke uJonathani, indodana kaShimeyi, umfowabo kaDavide, wambulala.


UJese wazibula ngo-Eliyabe, owesibili kwaba ngu-Abhinadaba, owesithathu kwaba nguShimeya,


U-Eliyabe, umfowabo omdala, wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye nobani leziya zimvu ezingengakanani ehlane? Ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, wehlile ukuba uzobona impi.”