1 Samuweli 17:12 - IsiZulu 2020 UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wayeyindodana yalowo mEfrata waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayesemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. |
Lawa ngamazwi kaDavide okugcina. “Amazwi okugcina kaDavide, indodana kaJese, umuntu owaphakanyiswa nguNkulunkulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu ka-Jakobe, nomhlabeleli wezingoma ezimnandi kwa-Israyeli, uthi:
“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”
UJesu esezelwe eBhethlehema eJudiya ngezinsuku zokubusa kukaHerode inkosi; bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zathi:
“ ‘Nawe Bhethlehema, lizwe lakwaJuda awumncinyane kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuwe kuyakuvela umbusi oyakwelusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”
Igama laleyo ndoda kwakungu-Elimelekhi, umkayo kunguNawomi, amadodana ayo amabili kunguMahaloni noKhiliyoni; babengama-Efratha aseBhethlehema kwaJuda. Bafika kwaMowabi bahlala khona.
Abesifazane abangomakhelwane bakaNawomi bamqamba igama bathi ngu-Obhedi, ngokuba bethi: “Le ngane izalelwe uNawomi, iyindodana yakhe.” Waba nguyise kaJese, uyise kaDavide.
Kwakukhona umuntu othile eRamathayimi Zofimu kwelezintaba kwa-Efrayimi, igama lakhe kungu-Elikhana, indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaZufi, wakwa-Efrayimi.
USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”
Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”
Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.
USawule wathi kuye: “Uyindodana kabani wena mfana?” UDavide wamphendula wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBhethlehema.”