UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.
1 Samuweli 16:16 - IsiZulu 2020 Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu; kuyothi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, akushayele ihabhu, ube ngcono.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu;* kuyakuthi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, abethe ngesandla sakhe, kube kuhle kuwe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Manje inkosi yethu mayiyala izinceku zakho eziphambi kwakho ukuba zifune umuntu ongumshayi wehabhu ohlakaniphile; futhi uma umoya omubi kaNkulunkulu ufika phezu kwenu, yena uyokwenza ngesandla sakhe, futhi niyophulukiswa. |
UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.
Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezima njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.
Manje-ke ngibizeleni umshayi wogubhu eze lapha.” Kuthe lapho eselubetha nje ugubhu, isandla sikaSimakade saba kuye.
“Emveni kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu; ikhanda lempi yamaFilisti lilapho. Kuyakuthi uma usufikile kulowo muzi, uyohlangana neviyo labaphrofethi behla endaweni ephakemeyo, kunogubhu, isigubhu, igekle, nehabhu phambi kwabo, bephrofetha.
UMoya kaSimakade wamshiya uSawule, wayesengenwa ngumoya omubi owawuvela kuSimakade.
Izinceku zikaSawule zathi kuye: “Bheka, umoya omubi ovela kuNkulunkulu uyakuhlupha.
USawule wayesethi kuzo izinceku zakhe: “Ngifuneleni umuntu owazi ukubetha kahle, nimlethe kimi.”
Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe.
Umoya omubi owawuvela kuSimakade wehlela kuSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto ngesandla; uDavide wayebetha ihabhu ngesandla.