Inkosi uJehoramu yahlanganisa wonke u-Israyeli ngalolo lusuku, yaphuma eSamariya.
1 Samuweli 15:4 - IsiZulu 2020 USawule wabiza abantu wababuthela eThelayimi; babeyizi-200 000 zemigundatshani nezi-10 000 zabantu bakwaJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule wayesebiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda. Contemporary Zulu Bible 2024 USawule wabiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zakwaJuda. |
Inkosi uJehoramu yahlanganisa wonke u-Israyeli ngalolo lusuku, yaphuma eSamariya.
Wabahlela eBhezeki; abakwa-Israyeli babeyizi-300 000; abakwaJuda beyizi-30 000.
USamuweli wayesesuka wakhuphuka eGiligali, waya eGibheya kwaBhenjamini. USawule wabala abantu ababesasele naye, babecishe babe ngama-600.