Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 13:22 - IsiZulu 2020

Kwathi ngosuku impi eyayibambene ngalo, akwaba bikho muntu kwabakwa-Israyeli ophethe inkemba noma umkhonto esandleni kulabo ababenoSawule noJonathani, ngaphandle kukaSawule noJonathani, indodana yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi ngosuku lokulwa akwabakho nkemba namkhonto esandleni samuntu owayenoSawule noJonathani; kodwa koSawule noJonathani indodana yakhe kwakukhona.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngosuku lokulwa kwakungekho nkemba namkhonto esandleni sanoma yimuphi wabantu ababenoSawule noJonathani; kepha kwakunoSawule noJonathani indodana yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 13:22
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.


Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


Imali ababeyikhokhela ukulola igejazembe noma imfologo kwakuyizingxenye ezimbili kwezintathu zeshekeli, kuthi imbazo nezincijo zokuhlokoloza izinkomo kube yingxenye eyodwa kwezintathu zeshekeli.


Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.”


UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.