Yathumba lonke iJerusalema, zonke izikhulu, wonke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizi-10 000, izingcweti nabakhandi, ayishiyanga muntu, ngaphandle kwalabo bezwe ababedla imbuya ngothi.
1 Samuweli 13:19 - IsiZulu 2020 Wayengekho umkhandinsimbi kulo lonke izwe kwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHebheru azakhele izinkemba nemikhonto.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “AmaHeberu angazizenzele izinkemba nemikhonto.” |
Yathumba lonke iJerusalema, zonke izikhulu, wonke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizi-10 000, izingcweti nabakhandi, ayishiyanga muntu, ngaphandle kwalabo bezwe ababedla imbuya ngothi.
“Mina ngidale umkhandi ovuthela amalahle emlilweni, akhiqize izikhali ezilungele umsebenzi wakhe; Mina ngidalile futhi umbhubhisi, ukuba abhubhise.
USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele.
Lokhu kwenzeka emveni kokuba inkosi uJekhoniya, indlovukazi emzalayo, izikhulu zasesigodlweni, izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, izingcweti nabakhandi, sebesukile eJerusalema,
Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?
Bonke abakwa-Israyeli behlela kuwo amaFilisti ukuze kube yilowo nalowo alole ummese wakhe, igejazembe, imbazo nesikela lakhe.