1 Samuweli 12:8 - IsiZulu 2020 “Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uJakobe engena eGibithe, oyihlo bakhuleka kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni, bakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo. |
Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.
Yibo o-Aroni noMose uSimakade athi kubo: “Khiphani abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.”
ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.
Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.
USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo.
Wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘U-Israyeli ngamkhuphula eGibhithe, ngamhlenga esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sayo yonke imibuso eyayimcindezela.’
USamuweli wathi kubantu: “NguSimakade owabeka uMose no-Aroni, nowakhuphula okhokho benu eGibhithe.