USimakade wanika u-Israyeli umkhululi; base bekhululeka phansi kwesandla sama-Aramu, abantu bakwa-Israyeli bahlala emathendeni abo njengakuqala.
1 Samuweli 12:11 - IsiZulu 2020 USimakade wayesethumela uJerubhali, uBhedani, uJeftha, noSamuweli, wanihlenga esandleni sezitha zenu ezazinizungeze nhlangothi zonke, nahlala ngokuvikeleka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wathuma oJerubali noBedani noJefta noSamuweli wanikhulula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala ngokulondeka. |
USimakade wanika u-Israyeli umkhululi; base bekhululeka phansi kwesandla sama-Aramu, abantu bakwa-Israyeli bahlala emathendeni abo njengakuqala.
Indodana ka-Ulamu: kunguBhedani. Labo babengabozalo lukaGileyadi kaMakhiri kaManase.
Wathumela eKedeshi kwaNafethali ukuba kubizwe uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wathi kuye: “USimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuyale wathi: ‘Hamba umise entabeni iThabori, uthathe amabutho ayizi-10 000 ozalweni lukaNafethali nolukaZebuloni uye nawo entabeni iThabhori.
USimakade waphendukela kuye, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, ukhulule u-Israyeli esandleni sabakwaMidiyani; angikuthumanga yini, na?”
Kodwa uJowashi wathi kubo bonke ababemi bebhekene naye: “Niyakulwela uBhali, na? Nizama ukumsindisa, na? Oyakumlwela uBhali makabulawe ekuseni. Uma engunkulunkulu makazilwele yena, ngoba yi-althare lakhe elibhidliziwe.”
Kusukela ngalolo lusuku uGideyoni wabizwa ngokuthi nguJerubhali, okungukuthi: “UBhali makalwe naye,” ngoba nguye owabhidliza i-althare lakhe.
UJerubhali okunguGideyoni, nawo wonke amabutho ayehamba naye, bavuka ekuseni bayokanisa ngasemthonjeni kaHarodi. Inkambu yabakwaMidiyani yayingasenyakatho kwabo, phansi kwegquma iMore, esigodini.
Abakhombisanga ukwethembeka endlini kaJerubhali, okunguGideyoni, ngakho konke okuhle ayekwenzele u-Israyeli.
Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumphrofethi kaSimakade.
AmaFilisti ehlulwa; awaphindanga angena emingceleni yakwa-Israyeli ngezinsuku zonke zikaSamuweli.