Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 11:7 - IsiZulu 2020

Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wathumela izithunywa nazo kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli, wathi: “Ongezukuphuma alandele uSawule noSamuweli kuzokwenzeka kanje ezinkabini zakhe.” Ingebhe ngoSimakade yehlela phezu kwabantu, baphuma kwangathi bamuntu munye.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: “Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wathatha izinkabi, wazihlahlela, wazithuma ngesandla sezithunywa kuwo wonke umkhawulo wakwa-Israyeli, wathi: “Ongaphumi ukulandela uSawule noSamuweli, kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ukwesaba uJehova kwehlela phezu kwabantu, baphuma nganhliziyonye.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 11:7
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.


Bayibhubhisa yonke imizi ezungeze iGerari, ngokuba behlelwa wuvalo olwaluvela kuSimakade. AbakwaJuda baphanga yonke imizi ngokuba kwakunempango eningi kuyo.


Yonke imibuso yamazwe azungeze elakwaJuda jikelele yehlelwa yingebhe ngoSimakade, ayizange ilwe noJehoshafathi.


Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.”


USimakade Wamabandla, mungcweliseni, nimesabe, kube nguye kuphela eninovalo ngaye.


Lapho isifikile endlini yayo, yathatha ummese, yabamba isancinza sayo, yasiqoba izinqamu ezili-12, isitho ngesitho, yazithumela kuzo zonke izindawo zakwa-Israyeli.


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.