UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.
1 Samuweli 10:25 - IsiZulu 2020 USamuweli wayesebatshela abantu ngamalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaSimakade. USamuweli wayidedela inhlangano yahlakazeka, kwayilowo nalowo muntu wabuyela ekhaya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo. Contemporary Zulu Bible 2024 USamuweli wayesebatshela abantu indlela yombuso, wayiloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wayesebamukisa bonke abantu, kwaba yilowo nalowo waya endlini yakhe. |
UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.
“Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu, ihlale khona, ibe ngubufakazi, imelane nani.
amakhosi nazo zonke iziphathimandla, ukuze sihlale kahle ngokuthula, ngokwesaba uNkulunkulu, nangakho konke ukuhlonipheka.
Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle;
UJoshuwa wayesebabusisa, wabakhulula ukuba bahambe, bahamba babuyela emathendeni abo.
USamuweli wayesethi kubantu: “Wozani, masihambe siye eGiligali sifike simise umbuso khona.”
Manje lalela abakushoyo, kodwa-ke uze ubexwayise impela, ubatshele ngendlela inkosi eyakubusa ngayo phezu kwabo.”