1 Samuweli 10:17 - IsiZulu 2020 USamuweli wabiza imbizo yabantu ukuba baye kuSimakade eMizpha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa; Contemporary Zulu Bible 2024 USamuweli wabizela ndawonye abantu kuJehova eMispa; |
UJeftha wahamba namalunga akwaGileyadi, abantu bamenza inhloko yabo, nomkhuzi wempi yabo, uJeftha wawakhuluma wonke lawo mazwi akhe phambi kukaSimakade, eMizpha.
Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.
Bonke abantu baya eGiligali, bafika bambeka khona eGiligali uSawule, waba yinkosi phambi kukaSimakade. Bahlaba lapho imihlatshelo neminikelo yokuthula phambi kukaSimakade. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu lapho.
Wayezungeza njalo minyaka yonke aye eBhetheli, eGiligali, naseMizpha; wamehlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.