Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.
1 Samuweli 10:10 - IsiZulu 2020 Kuthe ukuba bafike entabeni, kweza iviyo labaphrofethi ukuzohlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waphrofetha ephakathi kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho befika lapho entabeni, kwafika uquqaba lwabaprofethi ukumhlangabeza; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo. |
Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.
UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe, wabehlulela abakwa-Israyeli; waphuma waya empini, uSimakade wayinikela esandleni sakhe inkosi uKhushani Rishathayimi yase-Aramu, wamehlula uKhushani Rishathayimi.
Esekuzwile lokho uSawule, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule; wathukuthela wagana unwabu.
USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.
Ngiyakuzivusela umphristi othembekileyo oyokwenza njengalokho okusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo. Uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.