1 Samuweli 1:13 - IsiZulu 2020 UHana wayekhuluma ngenhliziyo engaphumiseli mazwi ngomlomo, kwakunyakaza izindebe zomlomo kuphela. Ekubona lokho u-Eli, wacabanga ukuthi udakiwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe, kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. Contemporary Zulu Bible 2024 UHana wakhuluma enhliziyweni yakhe; kwanyakaza izindebe zomlomo wakhe kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. |
USimakade Wamabandla uyakubavikela, bayakudla, banyathele amatshe endwayimane. Bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale baphuphume njengesitsha sigcwele, nanjengamakhona e-althare.
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esifanele ukukucela, kodwa uMoya uqobo uyasinxusela ngokububula okungakhulumeki ngamazwi.
Kwathi esaqhubeka nokukhuleka phambi kukaSimakade, u-Eli wawuqaphela umlomo wakhe.