UJesu wayesebalandisa umzekeliso, ebafundisa ukuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali.
1 Samuweli 1:12 - IsiZulu 2020 Kwathi esaqhubeka nokukhuleka phambi kukaSimakade, u-Eli wawuqaphela umlomo wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi kukaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi esakhuleka phambi kukaJehova, u-Eli uyaqaphela umlomo wakhe. |
UJesu wayesebalandisa umzekeliso, ebafundisa ukuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali.
ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,
Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.
Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”
UHana wayekhuluma ngenhliziyo engaphumiseli mazwi ngomlomo, kwakunyakaza izindebe zomlomo kuphela. Ekubona lokho u-Eli, wacabanga ukuthi udakiwe.