1 kuThimothewu 6:3 - IsiZulu 2020 Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, ephikisana namazwi aqinisileyo eNkosi yethu uJesu Khristu nemfundiso enokwesaba uNkulunkulu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu, Baasraak Zulu New Testament Bible Uma umuntu efundisa enye into, engavumelani namazwi aphilileyo, amazwi eNkosi yethu uJesu Kristu, nesifundiso esivumelana nokumesaba uNkulunkulu; Contemporary Zulu Bible 2024 Uma umuntu efundisa enye into, engavumelani namazwi aphilileyo, amazwi eNkosi yethu uJesu Kristu, nesifundiso esivumelana nokumesaba uNkulunkulu; |
Bathi: “NgokaKhesari.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKhesari okukaKhesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”
Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo,
Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;
Njengalokhu ngakunxusa ngesikhathi ngilibangise eMakhedoniya ukuba uhlale e-Efesu, ukuze uyale abathile ukuba bangafundisi okwahlukileyo,
Landela isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokukholwa, nothando olukuKhristu uJesu.
Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.
UPawula, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Khristu, ngenxa yokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nangokulazi iqiniso eliholela ekumesabeni uNkulunkulu,
obambelele ezwini elithembekileyo ngokwemfundiso, okwaziyo ukugqugquzela abanye ngemfundiso elungileyo nokudalula abaphikisana nayo.
Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu,