UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.
1 kuThimothewu 4:4 - IsiZulu 2020 Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akukho nakunye okumele kulahlwe, uma kwamukelwa ngokubonga, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akulahlwa lutho, uma kwamukelwa ngokubonga, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba sonke isidalwa sikaNkulunkulu sihle, kakulahlwa lutho, uba samukelwe ngokubonga; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba sonke isidalwa sikaNkulunkulu sihle, kakulahlwa lutho, uba samukelwe ngokubonga; |
UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.
Izwi laphinda ngokwesibili lathi kuye: “Ungasho ukuthi kungcolile lokho uNkulunkulu akuhlambululile!”
ukuba niyeke okuhlatshelwe izithombe, okunegazi, nenyama yesilwane esiklinyiweyo, nobufebe; uma nizithiba kulokho niyokuba nenza kahle. Salani kahle.”
Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo, sesibalobele sanquma ukuthi mabakugweme okuhlatshelwe izithombe, igazi, inyama yesilwane esiklinyiweyo nobufebe.”
Ngiyazi, njengokuba nginesiqiniseko eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho olungcolileyo ngokwalo, kuphela kulowo othi kungcolile, kuyena-ke kungcolile.
Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kungcolile kulowo muntu okudla qede akhubeke.
Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu.
Konke okuthengiswa esilaheni kudleni, ningaphenyi lutho ngakho ngenxa kanembeza,
“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.
Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso.