ukuze banikele iminikelo emthokozisayo uNkulunkulu wasezulwini, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.
1 kuThimothewu 2:1 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke okokuqala nje, ngigqugquzela ukuba ukunxusa, ukukhuleka, ukucela nokubonga kwenzelwe abantu bonke; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokunxusa, nokubonga kwenzelwe abantu bonke; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokunxusa, nokubonga kwenzelwe abantu bonke; |
ukuze banikele iminikelo emthokozisayo uNkulunkulu wasezulwini, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.
Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.
Funani inhlalakahle yomuzi lapho nithunjelwe khona, niwukhulekele kuSimakade, ngokuba inhlalakahle yawo kuyoba yinhlalakahle yenu.”
Ngalokho uNkulunkulu wazithalalisa izikhathi zokungazi, kodwa manje usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,
Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Khristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke.
Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo,
Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo,
saze samncenga uThithu njengokuba wayesevele eqalile phambilini ukuba nakini awufeze futhi lowo msebenzi womusa.
Ngakho-ke ngiyaninxusa ukuba ningadangali ngezinhlupheko engikuzo ngenxa yenu, eziwudumo kini.
nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke, egameni leNkosi yethu uJesu Khristu,
ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,
Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.
iNkosi ilwandise luchichime uthando lwenu, nithandane, futhi nibathande nabanye, njengokuba nathi sinithanda,
Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye.
Lowo ongumfelokazi ngempela, ongenabani, uthembele kuNkulunkulu, uhlala enxusa, ekhuleka ubusuku nemini.
Inceku yeNkosi ayifanele ukulwa, kodwa ifanele ibe mnene kubo bonke, ibe nekhono lokufundisa, ibekezele,
bangahlambalazi muntu, bangabi ngophumasilwe, kodwa babe nenhliziyo enhle, babe mnene kubo bonke abantu.
Sifisa sengathi kungaba yilowo nalowo kini akhombise lokho kushisekela okufanayo, lize lipheleliswe ithemba lenu kuze kube sekugcineni;
Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.