Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.
1 kuThimothewu 1:11 - IsiZulu 2020 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina. Baasraak Zulu New Testament Bible ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engiphathiswe lona. Contemporary Zulu Bible 2024 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engiphathiswe lona. |
Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.
“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
ngosuku lapho uNkulunkulu eyakwehlulela izimfihlo zabantu ngokwevangeli lami ngoKhristu uJesu.
Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.
okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.
Kepha kunalokho, sebebonile ukuthi nginikezwe ukushumayela ivangeli kwabangasokile njengokuba uPhethro enikezwe ukwenza kanjalo kwabasokayo.
ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.
ukuze esikhathini esizayo abonakalise kithi ingcebo emangalisayo yomusa wakhe ngobubele bakhe, kuKhristu uJesu.
ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,
engenziwe isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu owanginika sona maqondana nani, ukuze ligcwaliseke izwi likaNkulunkulu,
kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.
Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi.
Thimothewu, londa lokhu okubekwe kuwe, ukugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana okuthiwa ulwazi kube kungesilo,
Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye.
okuthe ngesikhathi esifaneleyo walibonakalisa izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswa ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu.