Ngibala iRahabhi, neBhabhele kulabo abazi mina, bheka, iFilistiya, iThire neKhushe, laba bazalelwa lapho.
1 kaPetru 5:13 - IsiZulu 2020 Liyakhonza kini ibandla eliseBhabhiloni elikhethiweyo kanye nani, uyakhonza noMakhu indodana yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Liyakhonza kini ibandla elikhethiweyo, kanye nani eliseBabiloni, noMarku indodana yami. Baasraak Zulu New Testament Bible Ibandla eliseBabiloni elikhethiweyo kanye nani liyakhonza kini; kanjalo noMarcus indodana yami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ibandla eliseBabiloni elikhethiweyo kanye nani liyakhonza kini; kanjalo noMarcus indodana yami. |
Ngibala iRahabhi, neBhabhele kulabo abazi mina, bheka, iFilistiya, iThire neKhushe, laba bazalelwa lapho.
Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya, unina kaJohane okuthiwa uMakhu, lapho kwakubuthene khona abaningi bekhuleka.
UBharnabha noSawula babuyela eJerusalema, ngokuba base bekuqedile ukukhonza kwabo, behamba noJohane okuthiwa nguMakhu.
Kwaba khona ukuphikisana okunzima, baze bahlukana: uBharnabha wahamba noMakhu, wawelela naye eKhuphro ngomkhumbi.
Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni,
Ilunga, kuye owesifazane okhethiweyo nakubantwana bakhe, engibathanda ngokweqiniso; hhayi mina ngedwa, kodwa bonke abalaziyo iqiniso;
ebunzini lakhe kulotshwe igama eliyimfihlakalo, elithi: IBHABHILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.
Yamemeza ngezwi elikhulu, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, seliphenduke indawo ehlala amadimoni, nejele layo yonke imimoya engcolileyo, nazo zonke izinyoni ezingcolileyo nezinengekayo, nazo zonke izilwane ezingcolile nezinengekayo.