Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 kaPetru 4:4 - IsiZulu 2020

Bayamangala ukuthi anisahambisani nabo kulawo manyala edlulele, behlambalaza.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowo msindo wokushinga kwabo, behlambalaza;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokuba kuyamangala ukuthi kaligijimi kanye labo kulowo mkhuba wokungathembeki, bekhuluma kabi ngani;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba kuyamangala ukuthi kaligijimi kanye labo kulowo mkhuba wokungathembeki, bekhuluma kabi ngani;

Uka jalj uñjjattʼäta



1 kaPetru 4:4
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kodwa ngaphakathi kugcwele impango nobugovu.


“Kwathi emva kwezinsukwana nje, indodana encane yaqoqa konke okungokwayo yahamba, yaya ezweni elikude, yafike yalisaphaza ifa layo, iphila ngendlela eyonakeleyo.


Kepha abaJuda, bebona izixuku, bagcwala umona baqala ukuphikisana nokwakushiwo nguPawula futhi behlambalaza.


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Asiziphathe kahle njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.


Kepha laba bantu bafana nezilwane ezingenangqondo, izidalwa eziphila ngokwemvelo, ezizalelwe ukuba zibanjwe zibulawe. Bakhuluma kabi ngalokho abangakuqondi, kepha nabo bayakubhujiswa bashabalale njengazo.


Kwenzekile kubo njengokusho kwesaga esiqinisileyo, esithi: “Inja yabuyela emhlanzweni wayo,” nesithi: “Ingulube igezwe qede yabuye yazibhixa odakeni.”


Kepha laba, bahlambalaza nalezo zinto abangazaziyo, babhujiswa nayilezo zinto abazaziyo ngokwemvelo, njengezilwane ezingenakuqonda.