Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.
1 kaPetru 4:12 - IsiZulu 2020 Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo, Baasraak Zulu New Testament Bible Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso; Contemporary Zulu Bible 2024 Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso; |
Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.
USimakade uyophakama njengentaba iPharazimi, athukuthele njengesigodi iGibheyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe awejwayelekile, afeze umsebenzi wakhe, izenzo zakhe ezimangalisayo!
Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.
Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.
umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho.
Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu bekuKhristu uJesu, bayakuzingelwa.
Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.
Melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko ziyabehlela nabazalwane benu abasemhlabeni.