Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 kaPetru 4:12 - IsiZulu 2020

Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso;

Uka jalj uñjjattʼäta



1 kaPetru 4:12
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


USimakade uyophakama njengentaba iPharazimi, athukuthele njengesigodi iGibheyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe awejwayelekile, afeze umsebenzi wakhe, izenzo zakhe ezimangalisayo!


Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.


Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.


umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho.


Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu bekuKhristu uJesu, bayakuzingelwa.


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.


Bayamangala ukuthi anisahambisani nabo kulawo manyala edlulele, behlambalaza.


Melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko ziyabehlela nabazalwane benu abasemhlabeni.