USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.
1 kaPetru 3:10 - IsiZulu 2020 Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso; |
USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.
Uwuhlengile umphefumulo wami, awaze wedlulela egodini; impilo yami izokubona ukukhanya.’
“Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi, ziyabaleka zingakubonanga okuhle.
ukuze ngibone impumelelo yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.
nokho uyakuya esizukulwaneni sokhokho bakhe, abayukukubona ukukhanya naphakade.
Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo, babusisiwe labo ababambelela baqine kukho.
Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.
Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye kuphela omuhle, kodwa uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kodwa olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli, uyakukusindisa.
UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”
Lowo othanda ukuphila kwakhe, ulahlekelwa yikho; nozonda ukuphila kwakhe kulo mhlaba, uyakukulondela ukuphila okuphakade.
Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”
Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.
Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya.