Wazimisela abantu bakho, u-Israyeli, ukuba babe ngabantu bakho kuze kube phakade, Wena Simakade ube nguNkulunkulu wabo.
1 kaPetru 2:10 - IsiZulu 2020 Nina naningesiso isizwe, kepha manje seniyisizwe sikaNkulunkulu; naningahawukelwanga, kodwa manje senihawukelwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. Baasraak Zulu New Testament Bible enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. Contemporary Zulu Bible 2024 enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. |
Wazimisela abantu bakho, u-Israyeli, ukuba babe ngabantu bakho kuze kube phakade, Wena Simakade ube nguNkulunkulu wabo.
Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwabangesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bayakuthi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”
Kepha ngithi: u-Israyeli akazanga yini na? Okokuqala, uMose uthi: “Mina ngiyakunenza nibe nesikhwele ngabangesiso isizwe, nginithukuthelise ngesizwe esingenakuqonda.”
Ngokuba njengalokhu nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kodwa manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabezizwe.
Kepha maqondana nezintombi, anginawo umyalo weNkosi, kodwa ngibeka uvo lwami njengothembekileyo nowahawukelwa yiNkosi.
nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.