Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayukuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayukuduka kuyo.
1 kaPetru 1:16 - IsiZulu 2020 ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Yibani ngcwele; ngoba mina ngingcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Yibani ngcwele; ngoba mina ngingcwele. |
Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayukuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayukuduka kuyo.
NginguSimakade uNkulunkulu wenu; ngakho-ke zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwane ezinwabuzelayo emhlabeni.
NginguSimakade owakukhuphula eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele.
“Khuluma kuyo inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyoba ngcwele ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wenu ngingcwele.