U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.
URuthe 4:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBhowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; lapho engena kuye, uJehova wamkhulelwa, wazala indodana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana. IsiZulu 2020 UBhowazi wayesemthatha uRuthi, waba ngumkakhe. Walala naye, uSimakade wenza ukuba akhulelwe wazibula ngendodana. |
U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.
U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa.
UJehova ebona ukuthi uLeya uzondwa, wavula isizalo sakhe, kepha uRaheli wayeyinyumba.
Intukuthelo kaJakobe yamvuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu owagodla isithelo sesisu sikanyoko na?”
Waphakamisa amehlo akhe, wabona abesifazane nabantwana; wathi: Ngubani lo okuwe? Wathi: “Abantwana uNkulunkulu ayiphe inceku yakho ngomusa wakho.”
Wenza umfazi oyinyumba agcine indlu futhi abe ngumama ojabulayo wabantwana. Dumisani uJehova.
Bheka, abantwana bayifa likaJehova, nesithelo sesisu sikanina singumvuzo wakhe.
Manje, ndodakazi yami, ungesabi; Ngizokwenza kuwe noma yini oyicelayo, ngoba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane oqotho.
Indlu yakho mayibe njengendlu kaPerezi uTamari amzalela uJuda, ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngale ntombi.
Ababesuthi bazithengisela isinkwa; abalambileyo banqamuka, oyinyumba wazala abayisikhombisa; laye owayelabantwana abanengi waba buthakathaka.