Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




URuthe 3:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

Geza, uzigcobe, wembathe izingubo zakho, wehlele phansi; kepha ungazazisi kulowo muntu, aze aqede ukudla nokuphuza.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngakho-ke geza, ugcobe, ugqoke isambatho sakho, wehlele esibuyeni, kepha ungazazisi kulowo muntu, aze aqede ukudla nokuphuza.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Geza, uziqhole ngamakha, ugqoke kahle bese wehla uye esibuyeni. Ungaqale uziveze kuye engakaqedi ukudla nokuphuza.

Uka jalj uñjjattʼäta



URuthe 3:3
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesesuka emhlabathini, wageza, wamgcoba, washintsha izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wacela, babeka isinkwa phambi kwakhe, wadla.


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Zinike izingubo zokulila, wembathe ukulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane olilela ofileyo isikhathi eside;


Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yakhe yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yahlala esihlalweni sayo sobukhosi endlini yenkosi malungana nesango lendlu.


newayini elithokozisa inhliziyo yomuntu, namafutha okwenza ubuso bakhe bukhanye, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Izingubo zenu mazibe mhlophe njalo; ikhanda lakho lingasweli amafutha.


Ngakugeza ngamanzi; yebo, ngigezisile igazi lakho kuwe, ngakugcoba ngamafutha.


Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho;


Manje uBhowazi akayena owesizukulwane sethu, okabani izintombi zakho? Bheka, uzuza ibhali kulobubusuku esibuyeni.


Lapho elala, kumelwe uyiphawule indawo ezolala kuyo, ungene uyembule izinyawo zayo ulale; futhi uzokutshela okufanele ukwenze.