Wayesethi u-Abrama: “Nkosi Jehova, uyakunginikani, lokhu ngingenamntwana, nomphathi wendlu yami ngu-Eliyezeri waseDamaseku na?
URuthe 2:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inceku eyayimiswe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Le yintombi yakwaMowabi eyabuya noNawomi ezweni lakwaMowabi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inceku eyayibekwe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Kuyintombazana yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakwaMowabi; IsiZulu 2020 Inceku yamphendula yathi: “Yintombazane yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakhona. |
Wayesethi u-Abrama: “Nkosi Jehova, uyakunginikani, lokhu ngingenamntwana, nomphathi wendlu yami ngu-Eliyezeri waseDamaseku na?
Wayesethi u-Abrahama encekwini yakhe endala yendlu yakhe ebusa phezu kwakho konke anakho: “Beka isandla sakho ngaphansi kwenyonga yami.
UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yammisa phezu kwendlu yayo, nakho konke eyayinakho yakunikela esandleni sakhe.
Kwathi sekuhlwile, umninisivini wathi enduneni yakhe: Biza izisebenzi, uzinike inkokhelo yazo, uqale ngezokugcina kuze kube ngezokuqala.
Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?
URuthe wasesithi: Ungangincengi ukuthi ngikutshiye, ngibuye ngikulandele; ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami; nalapho nilala khona, nami ngiyakulala khona; abantu bakini bayakuba ngabantu bami, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.
Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Futhi lapho befika eBhetlehema, umuzi wonke waxokozela, wathi: Ingabe lo uNawomi?
Wayesebuya uNawomi, noRuthe wakwaMowabi, umalokazana wakhe, ababebuyile ezweni lakwaMowabi; bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.
Yathi: Ake ngicoshe, ngibuthe emva kwabavuni phansi kwezithungu; wafika wahlala kusukela ekuseni kwaze kwaba manje, wahlala kancane endlini.