UDavide watshelwa lokho uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, ayekwenzile.
URuthe 2:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBhowazi waphendula, wathi kuye: “Sekubonakalisiwe kimi ngokugcwele konke okwenzile kunyokozala selokhu kwafa umyeni wakho, nokuthi washiya kanjani uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, futhi wafika kubantu owawungabazi ngaphambili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBowazi waphendula, wathi kuye: “Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili. IsiZulu 2020 UBhowazi wamphendula wathi: “Ngizwile ngakho konke okwenzele unyokozala emva kokufa komyeni wakho. Uze washiya uyihlo nonyoko nezwe owazalelwa kulo, weza kubantu ongakaze uhlale nabo phambilini. |
UDavide watshelwa lokho uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, ayekwenzile.
Lalela, ndodakazi, ubeke indlebe, ubeke indlebe yakho; khohlwa abantu bakho nendlu kayihlo;
Wathi uNawomi: “Buyelani, madodakazi ami, niyakuhamba nami ngani na?” Asekhona amadodana esizalweni sami ukuba abe ngabayeni benu na?
Wawa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngitholeni umusa emehlweni akho ukuba ungangazi, lokhu ngingowezizwe na?”
UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, umvuzo opheleleyo uphiwe nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, othembele phansi kwamaphiko akhe.
Wathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami, ngokuba wenze umusa omkhulu ekugcineni kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, ezimpofu nezicebile.
Uzakuba ngumbuyisi wempilo yakho, lomondli ebudaleni bakho, ngoba umalokazana wakho okuthandayo, ongcono kuwe kulamadodana ayisikhombisa umzele.