Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.
URuthe 2:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wawa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngitholeni umusa emehlweni akho ukuba ungangazi, lokhu ngingowezizwe na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesewa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?” IsiZulu 2020 URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?” |
Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.
Ngokuba yonke indlu kababa yayifile phambi kwenkosi yami, inkosi; nokho wayimisa inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Iliphi ilungelo engisenalo lokulibiza enkosini?
Inkosi uDavide yangena, yahlala phambi kukaJehova, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Jehova? futhi iyini indlu yami ukuthi ungilethe lapha?
Kodwa umfokazi ohlala kini uzakuba kini njengowokuzalwa phakathi kwenu, njalo umthande njengalokhu uzithanda wena; ngoba naningabafokazi ezweni laseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.
Ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe, ngokuba bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe.
Thandanani okuhle omunye komunye ngothando lobuzalwane; ekuhlonipheni nikhethe omunye komunye;
UBhowazi waphendula, wathi kuye: “Sekubonakalisiwe kimi ngokugcwele konke okwenzile kunyokozala selokhu kwafa umyeni wakho, nokuthi washiya kanjani uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, futhi wafika kubantu owawungabazi ngaphambili.
Wathi: “Mangithole umusa emehlweni akho, nkosi yami; ngokuba ungiduduzile, wakhuluma kahle kuyo incekukazi yakho, nakuba ngingenjengenye yezincekukazi zakho.
Uninazala wathi kuye: “Uthathephi namuhla na?” kanti ubusebenza kuphi? ubusisiwe okunakile. Wasemtshela uninazala lowo asebenza kuye, wathi: Ibizo lendoda engisebenze layo lamuhla nguBhowazi;
URuthe umMowabi wasesithi kuNawomi: Ake ngiye elizweni, ngikhothoze emva kwalowo engizathola umusa emehlweni akhe. Wathi kuye: “Hamba, ndodakazi yami;
Amehlo akho mawabe sezweni abalivunayo, ubalandele; Angiziyalanga yini izinsizwa ukuba zingakuthinteli na? uma womile, hamba uye ezitsheni, uphuze okudotshwe yizinsizwa.
Lapho u-Abhigayili ebona uDavide, wehla ngokushesha embongolweni wawa ngobuso phambi kukaDavide wakhothamela phansi.